Umqeqeshi weReal Madrid uXabi Alonso uyawuphikisa umbono wokuthi ezakhe zithembela kakhulu kuKylian Mbappe kule sizini.

IMadrid ibuyele esicongweni kwiLaLiga ishaya iGetafe ngo 1-0 izolo. Igoli livalelwe wuMbappe ngomzuzu ka-80. Bekuyigoli lakhe leshumi kule sizini emidlalweni ewu-9. Njengoba iMadrid isivalele amagoli awu-20 kule sizini, lokhu kusho ukuthi u-50% wawo avela kuMbappe.

Ebuzwa ngemuva komdlalo ngokuthembela kulo mgadli odabuka eFrance, u-Alonso uwuchithile lowo mbono.

“Angifuni ukuyibeka kanjalo. Kodwa sijabule kakhulu ngendlela adlala ngayo,” kusho yena.

“Uyawazi umsebenzi wakhe phambi kwepali, nokunye okufanele akwenze emdlaweni. Kodwa nabanye bayamsiza. Amagoli akunikeza amaphuzu, kodwa kuningi okunye okudingayo ngephandle kwamagoli.”

IMadrid izobhekana neJuventus kowe-UEFA Champions League ngoLwesithathu bese itholana phezulu neFC Barcelona ngeSonto ngo-17:15 eStantiago Bernabeu.

I-El Clasico yokuqala kule sizini izonikeza u-Alonso ithuba lokuvivinya kahle umsebenzi wakhe ngoba basanda kuthola isibhaxu esibi kwi-Atletico Madrid okwenza abanye bakungabaze ukuthi bengayinqoba iLaLiga neChampions League kule sizini.