Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthi uzokhetha kuleli sonto ukuthi uba ozovimba konozinti abane abasemabhukwini eqembu.

Lo mqeqeshi uphendule kanje ebuzwa ngokuthi ubani ozovimba kulandela igoli elihlaze uSiyabonga Mpontshane emehlweni abalandeli abaningi.

UMpontshane uthole ijezi nje naye kulandele ukulimala kukaRichard Ofori naye owalimala ngemuva komdlalo enza kuwo iphutha eladlisela iBucs. Lokhu sekuphakamise imibuzo ngokuthi uba ozovimba kwi-final yeMTN8 eMoses Mabhida ngoMgqibelo.

“Nginonozinti abane eqenjini, oKopano Thuntsane, Sipho Chaine, Mpontshane no-Ofori, Bonke bayajima kuleli sonto njengenjwayelo. Ekupheleni kwesonto sizothatha isinqumo ngokuthi ubani ofanelwe ukudlala lo mdlalo,” kuchaza yena ekhuluma neTimesLive.

Noma engenelwe yigoli kwiSoweto Derby uMpontshane emdlalwenn asayidlalile ukhombise ukuvuthwa njengoba ngisho kuwo lo mdlalo wakwazi ukuvimba amathuba amabili amahle ka-Ashley Du Preez. Ngaphambi komdlalo akangenisanga goli bebhekene ne-Mamelodi Sundowns kanye nakumdlalo weligi bebhekene neGolden Arrows.