Umengameli waMaZulu uSandile Zungu uthi kuzobhalwa kabusha umlando ngoMgqibelo ngemuva komdlalo wabo ne-Orlando Pirates kwi-final yeMTN8.

AmaZulu azobe edlala okokuqala kwi-final kusukela ngo-1992 lapho ashaya khona iKaizer Chiefs kwiCoca-Cola Cup.

Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo, uZungu uthe kuyobasiza abePirates ukufuqa ngasekudleni kuleli sonto ngoba ngeke kudleke ngoMgqibelo sebejabhiswe wuSuthu.

“Ngiyabacela nje abafana bakaMagebhula ukuthi baqale badle ngoba ngalolo suku ngeke badle. Bayojabha kakhulu,” kusho uZungu ekhuluma neBackpagepix kwi-video eshicilelwe yiSolezwe ezinkundleni zokuxhumana.

“Ngonyaka wokukhothama kweNgonyama saphetha isizini siwunombolo 2, sadlala e-Afrika okokuqala ngqa emlandweni. Iyobhalwa imibhalo engcwele ukuthi kwathi ngonyaka wokubekwa kweSilo uMisuzulu esihlalweni sobukhosi, AmaZulu athweswa olwegwalagwala, aba zingqwele.”