Bazowubuka nezethameli umdlalo weBlack Label Cup weKaizer Chiefs o-Itumeleng Khune nomgadli waseBurundi uCaleb Bimenyimana.
Ngokwesitatimende seChiefs laba badlali sebekhishiwe ohlwini lwabadlali abavotelwayo kulandela ukuyalelwa odokotela beqembu ukuthi ngeke bakwazi ukudlala ngoNovember 12.
UKhune noBimenyimana ubeqile nomdlalo wabakhaya obungempelasonto owanqotshwa yiChiefs ngo 1-0 eFNB Stadium.
UKhune ubehamba phambili kumavoti eBlack Label Cup, ubeseqoqe amavoti asondele ku-170 000. Ulandelwa wuKeagan Dolly onamavoti awu-65 000.
“Abalandeli abavotele laba badlali ‘bazobuyiselwa’ amavotu abo bavunyelwe ukuvotela abanye abadlali,” kusho istatimende seChiefs.