Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro useveze okubaqhathe nenduku kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo eThekwini.
IPirates ishaywe yiKaizer Chiefs ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium, obekungokokuqala inqoba ifinal eminyakeni eyishumi.
URiveiro uthi umdlalo wayizolo ubumubi kusukela ekuqaleni waze wayophela, futhi ubushoda nge ‘quality’.
“Bekuwumdlalo omubi kusukela usaqala waze wayophela,” kusho uRiveiro.
“Akusebenzanga iquality namhlanje….kuthe kusanda kuqala umdlalo bathola ipenalty, bazibeka phambili kodwa sakwazi ukubuya.
“Ngicabanga ukuthi sidlale kangcono sekuyophela isiwombe sokuqala. Alikho ibhola elitheni elidlalwe esiwombeni sesibili ngoba umdlalo ubulokhe uma, kudlaliswa kabi abadlali…ngingathi iChiefs idlale kangcono kunathi imizuzu emihlanu kuya kwengu-10 esiwombeni sesibili yakwazi ukushaya igoli lesibili. Sizamile ukulinganisa umdlalo futhi kodwa akwenzekanga namhlanje.
“Ngeke ngilokhe ngihlaziya izizathu zokudliwa kwethu ngoba ngiyazi yini esiqhathe nenduku. Besihluleka ukungena ezikhaleni ebesifuna ukungena kuzo uma sizama ukuya phambili.”