Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi kusayisiqalo ukunqoba kwabo iNedbank Cup kule sizini kodwa kumgeze igilo ukukwazi ‘ukugcwalisela’ abangabaza umsebenzi wakhe kuMakhosi.

UNabi ubeke kanje ngemuva komdlalo ekhuluma nezintatheli ngemuva kokushaya i-Orlando Pirates ngo 2-1 kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium izolo.

Inkulumo yakhe ibeke ngokusobala ukuthi kunezingxoxo ezikhona phakathi kwakhe nabaphathi beqembu okufanele ngabe bebenganeme ngendlela izinto ezihamba ngayo ngaphambi kokubona iqembu linqoba iNedbank.

Into yokuqala ayishilo ngemuva komdlalo wukuthi ujabulele abalandeli, usihlalo weqembu kanye namalungu omndeni akwaMotaung.

“Ngibajabulele kakhulu. Ngakolwami uhlangothi, kusayisiqalo lesi. Sidinga ukuqhubeka. Kunohlelo esilulandelayo, ngithumela umyalezo kubalandeli ngicela bangisize ngibuyise isithunzi seqembu, lihlonipheke,” kusho uNabi.

Lo mqeqeshi uzwakalise okomuntu obecela abalandeli ukuthi bayeke ukumjikela ukuze ezoqhubeka nomsebenzi wokupheka iChiefs. Kuzokhumbuleka ukuthi iChiefs ayisakuthandisisi ukugcina umqeqeshi isikhathi eside uma izinto zingahambi kahle futhi nabalandeli sebenganeme ngaye.

UNabi uqhube waveza ukuthi ukunqoba iNedbank Cup ukuthatha njengomyalezo awuthumela abantu abebengabaza umsebenzi wakhe selokhu efikile eMzansi.

“Ngiyabonga kubadlali bami ngokuzinikela nokuzikhandla kwabo. Ngiyabonga nakubasizi bami ngomsebenzi abawenze kule sizini.

“Sibhekane neqembu elifinyelele kuma semifinal eCAF Confedaration(Stellenbosch), elifike kwisemifinal yeCAF Champions League (Pirates) nelifike kowamanqamu weChampions League (Sundowns). Asiyiphiwanga le ndebe, siyisebenzelile.

“Ngiyabonga nakwiKhosi Nation; abalandeli abangayekanga ukukholelwa kumsebenzi wami noma bengigxekwa. Nimile nami nangalilahla ithemba ngezikhathi ezinzima. Ukunibona niseseka bekusinikeza umfutho.”

UNabi uphethe ngokuthi noma sebeyiwinile iNedbank Cup, mkhulu umsebenzi osabahlalele.

Khonamanjalo, iSunday Times namhlanje ibike ukuthi izikhulu zeChiefs bese zinqume ukuhlukana noNabi ekupheleni kwesizini, okuthiwa bekuzokwenziwa ngisho ngabe unqobe iNedbank Cup.

Okwamanje sizolulandela loludaba ngoba akusekho kude iphele isizini bese kuyacaca konke.