I-Orlando Pirates isimemezele ukuthi uJose Riveiro uzobonakala okokugcina eqeqesha Ezimnyama emdlalweni wabo neLamontville Golden Arrows ngoLwesibili njengoba esebheke eqenjini elisha.
Okwamanje akucaci ukuthi ubheke kuliphi iqembu kodwa imibiko yakamuva imkhomba kwiWyda Athletic Club nakwi-Al Ahly ehlukane noMarcel Koller kule sizini.
Kuzokhumbuleka ukuthi iWydad yenza amalungiselelo esizini ezayo njengoba ihlukana noRulani Mokwena, obekwe ekhaya ukuze axoshwe kahle sekuphele isizini.
Omabili lawa maqembu alungiselela ukuyodlala kwiFIFA Club World Cup ngenyanga ezayo.
Usihlalo wePirayes u-Irvin Khoza ubonge uRiveiro ngomsebenzi awenzele iqembu.
“UJose ukhulume nathi emasontweni ambalwa edlule ezocela ukuthi simkhulule singakashayi isikhathi sokuphela kwenkontileka yakhe, ngoba usesayine kwelinye iqembu.
“Ngenxa yezinto ebesibhekene nazo sabona kungcono ukuthi senze isimemezelo ngalokhu ngemuva komdlalo wamanqamu weNedbank Cup. Kukhulu akwenzele iqembu selokhu afika. Kuningi esikufunde kuye, naye kuningi akufunde kithi.
“Noma besifisa ukumvalelisa kahle, siyasihlonipha isinqumo sakhe sokushiya ingakapheli isizini.”
URiveiro ushiya nje sekucacela ngisho ingane encane ukuthi iMamelodi Sundowns isiqedile ngesicoco seBetway Premiership ngemuva kokunqoba ngo 3-0 ibhekene neStellenbosch FC ngeSonto.
Okwamanje akukacaci ukuthi iBucs izoqasha muphi umqeqeshi ngaphambi kwesizini ezayo.