Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uthi akayi emdlalweni ebheke ukuthi ezakhe zivalela imbudlu yamagoli, kunalokho okumjabulisayo ukubona abadlali bakhe bedlala ngendlela ayifunayo nokunqoba imidlalo.
URiveiro ubeke kanje ngemuva kokonqoba kwePirates ngo 2-1 ibhekene neCape Town City ngoMgqibelo. Kulo mdlalo iPirates yashayela unozinti weCitizens izikhawu eziwu-19 kodwa awu-7 kuphela amashodi abheka epalini, amabili kwaba amagoli.
Ebuzwa ngenqwaba yamathuba abadlali bakhe abawagejayo uRiveiro uthe akumkhathazi nakancane lokho.
“Ngeke ngithi kuyangikhathaza. Angiyi emdlalweni ngibheke ukuthi sishaye amagoli amahlanu…ngiyazi kunzima kanjani.
“Sibe nomdlali omuhle sibhekene neSuperSport kodwa yathola ipenalty ngemuva kwamzuzu ka-70. Sadlala neMaritzburg uSaleng wakora kungalindele muntu. Ibhola akuwona umdlalo olula, kuningi okufanele ukuqaphe ukuze uthole umphumela owufunayo. Angikhathazekile kodwa ngoba ngiyazi ukuthi kunzima kangakanani.
“kumele siqhubeke nokuzama ukwakha amathuba okokura, siqinisekise ukuthi kulowo mzamo asishiyi izikhala emuva. Ngicabanga ukuthi iyonanto esiyenze kangcono emlenzeni yesibili kule sizini. Sesiyakwazi ukudlala ohlangothini lweqembu esibhekene nalo.”