Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro uncome ezakhe ngokubuya namaphuzu aphelele emdlalweni wabo neRichards Bay FC obunzima eKing Zwelithini Stadium.
IPirates igcine inqobe ngo 1-0 ngegoli elivalelwe wuKabelo Dlamini (free-kick) obesuke ebhentshini.
“Bekungewona umdlalo olula kodwa sikwenzile ebesikufuna ekugcineni. Iyonanto ebalukelile leyo,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Sakhe amathuba anele ukuthi sithole igoli esiwombeni sokuqala, lokho bekuzoshintsha umdlalo. Kodwa ke kudingeke ukuthi silwe kuze kube sekugcineni ukuze sithole imbobo yokukora.
“Sishaye igoli elihle kodwa ngifisa ukuncoma abadlali ngokuzinikela kwabo ngale ndlela ngaphambi komdlalo wamanqamu, okusinqobele amaphuzu amathathu.”
URivero uncome uDlamini ngokushintsha izinto ngesikhathi esengene enkundleni. Noma eqiwa yijezi njengamanje uRiveiro uthe wonke umuntu uyakwazi ukubaluleka kwakhe eqenjini.
“Kubalulekile ukuthi ngisho abadlali abasebhentshini bazi ukuthi kumele balifele iqembu uma sebengene enkundleni, uKabelo udlale kahle kakhulu.”
IPirates izobhekana neStellenbosch FC kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo ngo-6 ntambama eMoses Mabhida Stadium.