Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uchaza ngokubuyisa uKhuliso Mudau obesephuthelwe imidlalo emine engadlali. 

UMudau (29) ungene ngomzuzu ka-74 emdlalweni weCalabash kuwina iSundowns ngo 2-1 eFNB Stadium, ngoMgqibelo.

USailor akazange abonakale nasebhentshini emidlalweni yokuhlungela iCAF Champions League neMbabane Swallows, waphinde wangadlaliswa kweyeligi neSuperSport United neMarumo Gallants.

UMngqithi ushintshe umqondo wakhe ngoMudau, wamqalisa ebhentshini koweCalabash. Akaphoxanga neze uMudau esenikezwe ithuba njengoba ebevimba ephindelela abagadli beChiefs.

UMngqithi uthi ubone sekufanele ambuyise lomdlali. 

“Ngijabule ngokubuya kukaMudau. Ngakubeka ngaphambilini ukuthi bazobuya bezosiza iqembu. Ngibone kuyisikhathi esifanele sokumbuyisa, ungidlalele kahle. Ulikhombisile izinga lakhe. 

“Angingabazi ukuthi ungumdlali ongeke umjike kalula. Akulula neze ukudlula phambi kwakhe, usezingeni lakhe yedwa. Ngijabule ngebhola alidlalile namuhla,” kusho uMngqithi ekhuluma nabezindaba.

UMngqithi uthi noTebogo Mokoena uzobuya esikimini uma sekufike isikhathi. UMokoena usephuthelwe imidlalo emine engabonakali nasebhentshini.

“UTebza ungumdlali osezingeni, engakwazi nokudlala endaweni ephambili esiswini. Ungumdlali okwazi ukudlala ezindaweni ezahlukene, uyakwazi nokukhahlelela ipali futhi unamandla. Ngibona ezobaluleka ngokuhamba kwesikhathi,” kubeka uMngqithi.