Uzidonsele amanzi ngomsele umdlali weMarumo Gallants uGabadinho Mhango obanjwe edle amponjwana engozini yemoto eBloemfontein ngeSonto.
UMhango uyaziwa ngokubuye ahluphe emaqenjini awadlalelayo, kanti sekubukeka esephinde washaya adume ngazo kwiGallants esizinze eBloemfontein njengendlela yokuzama ukuheha abalandeli beBloemfontein Celtic abalambele ibhola njengoba iqembu labo litabalasa kwi-ABC Motsepe.
Ngokwemibiko evela ezinkundleni zokuxhumana uMhango ushayise iToyota Quantum ehamba ngeVW Polo emnyama okuthiwa ibiphethe amantombazane amane. Uvela kwi-video egxaza igazi ekhanda. Kuthiwa amalungu omphakathi abefuna ukumfaka induku indlela abecasuke ngayo.
Okwamanje iGallants ayikathi vu ngalolu daba kodwa kulindeleke ukuthi aqondiswe ubugwegwe uMhango futhi kungenzeka inqanyulwe nenkontileka yakhe. Njengoba edalwe ingozi ebukhile, kungenzeka abhekane nengalo yomthetho.
Reports from South Africa show that Malawi and Marumo Gallants striker Gabadinho Mhango has been involved in a car accident. #442malawi pic.twitter.com/XmdQIqij5a
— #442Malawi (@442_Malawi) September 29, 2024
UMhango akadlalanga emdlalweni wakamuva weGallants kwiBetway Prem ngenxa yokulimala kodwa wayekhona emidlalweni wayo wesithathu weligi, wayibikela ngegoli ixetshulwa yiMamelodi Sundowns ngo 4-1.
Ngesizini edlule uvalele amagoli ayisikhombisa kwimidlalo ewu-24, okwenze iGallants yamgcina ngesikhathi ithenga iMoroka Swallows.