Umqeqeshi weManchester United, u-Erik ten Hag, uzwakalise ukunengeka ngendlela abadliwe ngayo beshaywa yi-Arsenal ngo 3-2 e-Emirates Stadium izolo.

I-United idliwe kulo mdlalo kade zibambene ngo 2-2 ngaphambi kwegoli lika Eddie Nketiah ngomzuzu ka-90. Ukube uphele zibambeni i-United ngabe isele ngamaphuzu awu-8 kwi-Arsenal esesicongweni kwiPremier League. Lo mphumela ubeke iRed Devils kunombolo 4 kwi-log, isele ngamaphuzu awu-11 kwi-Arsenal enomdlalo esandleni.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uTen Hag uthe imcikile indlela abadliwe ngayo.

“Mhlawumbe uma sekudlule amahora uzokwehla umoya nginake ukuthi sisandaweni enhle futhi iqembu liyakhula, kodwa njengamanje ngicikekile. Ngibatshelile nabadlali ukuthi ngeke bazinqobe izicoco uma bengayishintshi indlela abacabanga ngayo.

“Bekumele samukele iphuzu sivale kahle emuva, akumele udedele igoli kanjeya ngaloya mzuzu. Ngeke uzinqobe izicoco,” usho kanje.

UTen Hag uthe maningi amaphutha abawenzile kulo mdlalo afuna ukuqinisekisa ukuthi ayaphela.

I-United izobhekana neNottinngham Forest ngoLwesithathu emlenzeni wokuqala we-Carabao Cup semi-final.