Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthi uqoke ukukhipha uKermit Erasmus njengendlela yokumvikela ekulimaleni ngesikhathi beshaya iVenda Football Academy ngo 2-1 koweNedbank Cup.
IPirates inqobe ngegoli likaThembinkosi Lorch kwi-extra time kulo mdlalo kade zibambene ngo 1-1. Igoli lokuqala lePirates livalelwe wu-Erasmus, ongabuyanga esiwombeni sesibili.
“UKermit ubenenkinga kusanda kuqala umdlalo, uzamile ukumelana nayo esiwombeni sokuqala kodwa akakwazanga ukuqhubeka nomdlalo. Besingafuni ukuthi alimale kakhulu, sakhetha ukumkhipha,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
Ekhuluma ngokufinyelela kuma-quarterfinals eNedbank Cup, lo mqeqeshi odabuka eSpain uthe kuzolikhulisa iqembu lakhe.
“Ngicabanga ukuthi sidlale kahle esiwombeni sokuqala noma senze amaphutha abengasifaka enkingeni. Esiwombeni sesibili sekuyophela umdlalo besingekho ezingeni okufanele sibe kulo. Besihluleka ukuqaqa udonga lwabo…kodwa kwesinye isikhathi udingha imdlalo enzima njengale ukuze ukhule. Ngibongela neqembu ebesibhekene nalo ngendlela abadlale ngayo.”