Umqeqeshi we-Al Ahly, uMarcelo Kohler, uthi iMamelodi Sundowns ingasinqoba isicoco seCAF Champions League kule sizini.
UKohler ubeke kanje kukandela ukuxetshulwa kwezakhe ngo 5-2 emdlalweni obungoMgqibelo eLoftus Versfeld Stadium. Ngemuva komdlalo, lo mqeqeshi odabuka eSwitzerland uncome indlela iDowns edlala ngayo.
“Ngiyavuma ukuthi bangayinqoba uma beqhubeka nalo mqeqeshi. Baneqembu elihle kakhulu. Umqeqeshi uwulungiselele kahle umdlalo futhi bekubafanele ukunqoba,” kusho uKohler ngemuva komdlalo.
“Ngicabanga ukuthi uma beqhubeka kanje bazoya kude kulo mqhudelwano.”
I-Al Ahly isengcupheni yokuphuma esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League njengoba sekusele imidlalo emibili.
Kunezinkakha zaleli qembu ezithi kumele axoshwe uKohler uma ehluleka ukubeka iqembu kwi-last 16.