Umdlali weManchester United uMarcus Rashford uthi kumenza umgadli ongcono ukusebenza nowayengumgadli weFC Porto neBlackburn Rovers, uBenni McCarthy.
URashford uveze lokhu engxoxweni nentatheli yezemidlalo kwaSuperSport, uJulia Stuart ombuze ngobudlelwano bakhe noMcCarthy.
Lo mgadli oshaye amagoli amane kuphela kwiPremier League ngesizini edlule usevalele amagoli awu-14 kule sizini. Njengamanje ubalwa nabagadli abaphambili e-Europe ngenxa yendlela adlala ngayo kwi-Man United. Kwi-Europa League useshaye amagoli amahlanu emdlalweni eyisikhombisa.
Ubonge uBenni ngokushintsha kwefomu yakhe phambi kwepali.
“Wenza umsebenzi oncomekayo. Kubuye kuthathe isikhathi ukuthi abaqeqeshi abasha bajwayele kodwa konke kuhamba kahle. Kuhle ukuba nomqeqeshi ogxile kubadlali baphambili.
“Selokhe siqale ukusebenza noBenni sisebenza kahle, namathuba esiwakhayo phambili andile. Kusasekuseni kodwa, noBenni engakwazisa ukuthi kukhulu afuna sikuzuze kunalokhu esesikwenzile.
“Uhlale esiphusha, ufuna sidlale kangcono. Akukho okunye ongakucela njengomdlali. Ubudlelwano bakhe nami buhle kakhulu, sihlale sikhuluma, engikhombisa izinto ezincane okumele ngizilungise ukuze ngikore amanye amagoli, nendlela engingangena ngayo ezikhaleni ukuze ngakhele abanye amathuba. Mningi umsebenzi esiwenzayo.”