Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ulindele iKaizer Chiefs eqinile emdlalweni wabo wakusasa kodwa uthi kuyabonakala ukuthi kusazobathatha isikhathi abadlali ukujwayela amaqhinga omqeqeshi omusha.
UMokwena uyibuke bukhoma eMabhida iChiefs ibhekene neChippa United njengoba ezakhe zizongqubuzana neChiefs kusasa ngo-3 ntambama eLucas Masterpiece Moripe Stadium.
“Kumele ubuke indlela abadlala ngayo ngokuqonda ukuthi umqeqeshi omusha usadinga isikhathi sokufundisa kahle abadlali amaqhinga akhe. Kodwa engikunakile wukuthi amaqhinga akhe awahlukile kakhulu kwi-4-2-3-1 ebisetshenziswa ngesizini edlule, kwesinye isikhathi kubuye kuhlaselwe nge-4-3-3…ulayini wabagadli ubukeka uphezulu uma ngiqhathanisa nesizini edlule,” kuchaza uMokwena.
“Phambili bazohlasela ngabadlali abathathu abangabagadli uma ngibala uRanga, u-Ashley Du Prweez noSaile. Esiswini badlali o-6 ababili; uCastillo/Zwane, noma Castillon/Sithembe noma Castillo/Maart, bese befaka unombolo 10, banabadlali abahlukene abangabasebenzisa kule ndawo…”
Inkulumo kaMokwena ihambe phezu kwamazwi kaNtseki ngemuva komd