Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, uncome abadlali bakhe ngokunqoba umdlalo wayizolo neRichards Bay FC ‘eqeqeshwe kahle’.
ISundowns inqobe ngo 2-0 (Cassius Mailula 39′, Haashim Domingo 66′) yaqinisa indawo yayo esicongweni seDStv Premiership. Bekungokwesithathu kuphela iRichards Bay idliwa kule sizini.
Ekhuluma ngemuva komdlalo umqeqeshi weSundowns uncome abadlali bakhe ngokunqoba lo mdlalo.
“Sinqobe ngenxa yezinga labadlali esinabo namhlanje. Bayazimisela ngendlela emangalisayo emsebenzini wabo. Ngibongela nabalandeli beSundowns, kuhle ukubabona bejabule njengoba sibabona namhlanje,” ushc kanje.
“Uma ngikhuluma iqiniso nje namhlanje sikhombise ukukhathala kancane. IRichards Bay ibinganawo umdlalo phakathi nesonto njengathi kodwa ke loch kuyingxenye yebhola. Bengingafuni ukwenza izinguquko kodwa ngiphoqelekile ngoba abadlali bese bekhathele.”
UThemba Zwane ube wumdlali ovelele kulo mdlaĊo. Ekhuluma neSuperSport TV ngemuva komdlalo uthe akagculisekanga ngokuthi akalitholanga igoli emdlalweni wayizolo kodwa ujabule ngokusiza iqembu libuye namaphuzu aphelele.
ISundowns izodlala neChippa United ngoLwesibili ngo-19:30.