Umqeqeshi weLiverpool, uJurgen Klopp usewuchile umbono wokuthi iLiverpool inenkinga esiswini kule sizini njengoba izinto zingayihambeli kahle kwiPremier League.

ILiverpool isele ngamaphuzu ayisikhombisa kwiqembu elikunombolo 4, abaningi bakholwa wukuthi isengcupheni yokungangeni kwi-UEFA Champions League ngesizini ezayo uma iqhubeka nokulahla amaphuzu.

Ngesizini edlule iLiverpool idliwe kabili emdlalweni ewu-38, kulokhu isisuthe induku kahlanu emdlalweni ewu-17. Abahlalaziyi abaningi bakholwa wukuthi okwehlise izinga leLiverpool ukungaqiniswa kwesisu.

UKlopp uwuchithile lo mbono ekhuluma esithangamini nabezindaba namhlanje.

“Asibhekene nenkinga esiswini. Mhlawumbe ngeminyaka yo-1950/60 wawungakwazi ukusola abadlali basesiswini uma kunenkinga yokuvuleka kweqembu kodwa esikhathini sanamhlanje ibhola lihlukile kakhulu. Kunezizathu eziningi ezenza izinto zingahambi kahle.

“Uma uhlaziya amagoli angenile emdlalweni odlule (neBrentford), amabili aqhamuke kuma set piece, ngeke usole isisu ngalokho. Kumele iqembu lonke lihleleke. Ukucindeza kuqala phambili kubagadli, kulandele isisu, bese kuba abadlali base muva, iqembu lonke kumele lidlala ngokubambisana.”

UKlopp ukuvumile ukuthi akaneme ngendlela abadlala ngayo kodwa wagcizelela ukuthi inkinga ayikho esiswini kwiLiverpool.