Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena uthi ulindele ukuthi ibe nzima isizini entsha yeDStv Premiership ezoqala namhlanje.

Ompetha beligi bazoqala ngomdlalo neSekhukhune United namhlanje kusihlwa ngo-7:30, kumdlalo okulindeleke ukuthi ushube kwazise iBabina Noko ayilona iqembu elilula futhi iqede kwi-top 8 ngesizini edlule.

“Siyilindele ngabomvu isizini ngoba siyazi kuzoba nzima kangakanani. Yonke imidlalo izoba nzima. Sizovivinywa kule sizini, nakanjani,” kusho uMokwena.

“Sizozingelwa kule sizini. Wonke umuntu ufuna ukusishaya. Sifuna ukusivikela isicoco.”

UMokwena uqhube waveza ukuthi ulindele iKaizer Chiefs eqinile kule sizini, ezodalela amaqembu amaningi izinkinga. Uthi onke amaqembu abukeka ezoba yingozi.

“ISuperSport isayinise kahle, nePirates ilande abadlali abasezingeni eliphezulu. AmaZulu nawo anomqeqeshi omusha ozofika nokusha, neCape Town City iziqinisile ngabadlali abasha.”

Imidlalo yeDSTV Premiership kule mpelasonto:

Namhlanje: Sekhukhune vs Sundowns

NgoMgibelo: Arrows v Swallows, Mpumalanga, 3pm; SuperSport v Bay, Peter Mokaba, 3pm; Royal v AmaZulu, Harry Gwala, 5.30pm; Stellenbosch v Pirates, Danie Craven, 8pm

NgeSonto: Galaxy v Spurs, Mbombela, 3pm; Chiefs v Chippa, Moses Mabhida, 3pm; CPT v Polokwane, Athlone, 5.30pm.