Umqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, unethemba lokuthi zizojika izinto kuMakhosi anesifiso sokuqeda ishobolo lokungawini lutho eminyakeni edlule.

Abalandeli beChiefs bazothola ithuba lokubona into ephekwa wuNtseki emdlalweni ongeSonto neChippa United, eMoses Mabhida Stadium ngo-3 ntambama. Izinto azihambanga kahle kwi-preseason iChiefs ishaywa ngo 1-0 eTanzania naseBotswana.

“Wumlingo weKaizer Chiefs ozosiphumelelisa kule sizini. Ngeke siphumeleliswa okwenzeka enkundleni kuphela, kumele sibe mqondo munye nabo bonke abantu abathanda leli qembu,” kusho uNtseki ekhuluma nabezindaba.

Lo mqeqeshi ucele ukungahlulelwa ngemiphumela yamasizini edlule eChiefs.

“Sizobhekana neshwa lokubukwa ngeso lokwenzeke eminyakeni edlule njengoba ngimusha futhi kukhona nabadlali abasha, kodwa sicela ukunikezwa ithuba lokuzibhalela owethu umlando.”

“Isizini enysha, umqeqeshi omusha futhi sinethuba elisha lokuwina. Engingakusho kubalandeli bethu wukuthi abalindele isizini ezobajabulisa.”