Sphamandla Gumede 

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokoena ubona ubungozi bodwa uma iPSL iqhubeka nokuhlela imidlalo emibili ezolandelana esikhathini esingaphansi kwesonto. URhulani ubalisa nje iSundowns izobhekana naMaZulu kusasa eJohnsson Kings Park Stadium, nokuzobe kuwumdlalo wayo wesihlanu ezinsukwini ezingu-12. 

Kusukela ngomhlaka 9 Ephreli, iSundowns isitholane neCR Belouizdad, Chippa United, Orlando Pirates kanye neTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM). 

AmaZulu wona anesonto eliphelele agcina ukudlala ngomhlaka 9 Ephreli eshaya iStellenbosch ngo 1-0 ekuhambeni. 

“Akulula neze, mhlawumbe kufanele sifake abadlali e-frijni. Kuzomele sizame ukunakekela abadlali ngoba ososayensi bathi akulungile ukukhathaza umzimba womuntu ngomsebenzi onzima ezinsukwini ezedlule ezintathu ngesonto. Kumele unikeze umuntu izinsuku ezimbili ukuze alulame. Sizama konke okusemandleni ukubhekana nesimo.

Siyazama ukugwema ukukhathala, engingabala kukho ukudonseka umsipha. Kunzima ukunikeza abadlali bebhola imidlalo eminingi kangaka isondelane ezinsukwini ezilandelanayo. Kodwa abadlali baqinile, bazolwa bakhombise ubusosha,” kuchaza uRhulani.

Lomdlalo uzobe ulindelwe ngabomvu njengoba womabili lamaqembu esembangweni weligi. IDowns iqhwakele ngamaphuzu angu-46 ngemuva kwemidlalo engu-21. Usuthu lungemuva ngamaphuzu ayisithupha endaweni yesibili. 

URhulani uthi akukho abangakwenza ukushintsha uhlelo lwemidlalo, kumele baqhubeke nokudlala.

“Abadlali abakhalazi, bayalwa enkundleni, bazodlalela iqembu. Ngiyathemba ukuthi abalandeli kanye nabanye abathanda iqembu bayakujabulela abakubonayo ngoba izinto azikho lula. 
Sinethimba labahloli bezempilo elihle, elikwaziyo ukumelana nengcindezi esikuyo. Kumele sizame ukubhekana nalesi simo. Sizozama konke okusemandleni ukuze siphume kulengcindezi esibhekene nayo,” kuchaza uRhulani. 

ISundowns iwashiswe ijezi kwiNedbank Cup ngempelasonto ngesikhathi ishaywa iTTM sekukhahlelwa amaphenathi. URhulani uthi isikhathi sokutetema asikho. 

“Asikho isikhathi sokukhala manje. SiyiSundowns, kumele sikhombise ukuqina sibuye kulomphumela obuhlungu. Sibhekene nomdlalo onzima, yonke imidlalo ingeyamanqamu.

Bekunzima ukuhlelela lomdlalo ngoba sishaywe iTTM kodwa kumele sizithintithe. Kufanele sidlale ngokuzimisela ngoba sizobhekana neqembu elikhulu, elinabaqeqeshi abanohlonze,” kuchaza lomqeqeshi.