Intatheli Yezemidlalo
Imiphumela yakamuva ikuveza ngokusobala ukuthi iKaizer Chiefs ihlezi izicanasela uma ibhekene neCape Town City. ICity yagcina ukushaya iCity ngo-2017 kwiMTN 8. Emidlalweni engu-8 elandelile, iCity ayikaze ilibone elidlalayo kwiChiefs kwazise iChiefs ihlezi izidlela amahlanga.
Umqeqeshi weCity uJan Olde Riekerink uthi kumele babhukule eFNB Stadium namuhla.
“Siyazi ukuthi iChiefs iyiqembu elikhulu, elinomlando omkhulu futhi nesikwati sabo sihle. Siyabazi ubungozi abanabo. Basahlulwe kanye emidlalweni engu-9 eyedlule. Bangene kuma-quarterfinals eChampions League futhi bafuna ukungena kwi-top 8.
Nabo bafuna ukuthola imiphumela kwiligi, womabili amaqembu afuna into eyodwa. Ngiyathemba ukuthi sizongena enkundleni, sibuye nomphumela omuhle ngendlela efanayo njengoba besishaye iSuperSport,” kuchaza uRiekerink ecashunwa abe-IOL Sport.
ICity izofika ngelinye igiya njengoba yashaya iSuperSport United ngo 3-0 emdlalweni weligi odlule. ICity ihleli endaweni yesikhombisa kwiligi, iChiefs yona ikunombolo 9.
URiekerink uthemba ukuthi umphumela weSuperSport unyuse ukuzethemba eqenjini kwazise babuya kwishobolo lemidlalo engu-8 bengawini.
“Kubalulekile ukubuya namaphuzu amathathu emdlalweni weSuperSport. Sidlale ibhola elihle, sathola namagoli, okuhle nje ukuthi asingenalwanga igoli. Umdlalo weSuperSport ububalulekile ngoba ubuyise ukuzethemba eqenjini.
Kumele siqhubeke nokusebenza ngoba sijwayele ukuqeda isizini ngegiya eliphezulu. Uma ubheka imidlalo esele, iSundowns kuphela iqembu elikhulu. Lamanye amaqembu angaphansi kwethu. Kumele sibuye namaphuzu agcwele kulemidlalo elandelayo,” kuchaza uRiekerink.