Intatheli Yezemidlalo

Isitobha seKaizer Chiefs uDaniel Cardoso uyavuma ukuthi ifomu yakhe kulesizini yehlile uma kuqhathaniswa nesizini ephelile. UCardoso usaphuthelwe imidlalo emibili kuphela emidlalweni engu-35 kulesizini.

Yize ijezi elithola kalula, lomdlali ungomunye wabadlali abashaya udaka emuva njengoba iChiefs isingenelwe amagoli angu-24 kwiligi. 

Emidlalweni engu-21, iChiefs idonsa kanzima kunombolo 9 kwiDSTV Premiership, okuwumehluko omkhulu njengoba yayiqede endaweni yesibili ngesizini ka-2019/20.

“Ifomu yami yehlile kulesizini, sidedele amagoli amaningi. Ngiyakuvuma lokho. Ngiyazi kumele sidlale ngokubambisana kodwa kufanelekile ukuthi siqinise emuva. Ngehlise izinga kulesizini,” kuchaza uCardoso ecashunwa abeKickOff. 

Lomdlali unethuba lokulungisa amaphutha uma Amakhosi esetholana neCape Town City namuhla ntambama. Womabili lamaqembu asembangweni we-top 8 njengoba ICityzens ihleli endaweni yesikhombisa kwiligi. 

“Ukusiza abadlali abancane kuyakhathaza kakhulu. Kodwa ngizobuyela efomini yami, imiphumela isiqala ukulunga manje. Kuningi okumele ngikwenze ukuze ngizosiza iqembu, kumele ngiqinise kakhulu ebholeni lami,” kuchaza lomdlali.