Intatheli yezemidlalo
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokoena usekhulume okokuqala ngodaba lwezinkunzi zaseMorocco iWydad Casablanca, okuvela ukuthi bezifuna azobamba isikhundla sokuqeqesha leliqembu.
Lezi yizindaba ezingeke zihle kahle kubalandeli beMamelodi Sundowns kwazise obengumqeqeshi ngaphambilini uPitso Mosimane wathola amadlelo aluhlaza kwi-Al Ahly yase-Egypt. URhulani ubalwa kanye nabaqeqeshi baseNingizimu Afrika abasebasha ngokweminyaka abenza into yamehlo e-Afrika njengoba eyingxenye yethimba labaqeqeshi kwiDowns eyenza ezibukwayo.
URhulani ukuqinisekisile ukuthi izimenenja zaseMorocco zike zaxhumana naye ngocingo zaphinde zamthumela ama-emails zimbuza ngokufunwa yiWydad. Lomqeqeshi osemncane uveze ukuthi umqondo wakhe ugxile kwiSundowns. “Yebo ngizwile ngaloludaba ngoba kunabantu abaningi abangithumelela udaba olukhishwe kwiphephandaba laseNorth Afrika. Kukhona izintatheli nezimenenja ezingifonelayo ezisuka e-Egypt naseMorocco zingibuza ngalendaba,” kuchaza uRhulani ecashunwa yiSoccer Laduma.
URhulani useke washiya eChloorkop ngaphambilini wayoqeqesha i-Orlando Pirates egcine imsusile esikhundleni. Ulandele ngokuqeqesha iChippa United nayo angahlalanga kuyo isikhathi eside. Ubuye kwiDowns ngesizini ephelile, wanqoba iligi kanye neNedbank Cup. Ekuqaleni kwesizini, uqokwe njengomqeqeshi ozobambisana noManqoba Mngqithi ebhentshini.
“Kuyajabulisa ukufunwa yiWydad Casablanca ngoba iyiqembu elikhulu. Ngizimisele ngokusebenzela iMamelodi Sundowns okwamanje. Uma ungakhuluma nemenenja yami, mhlawumbe iyona eyaziyo ngoba anginalo ulwazi lokuthi lezi zindaba ziphuma kuphi. Angifuni ukukhuluma kakhulu ngoba lokho kuzodala amanye amahlebezi. Ngijabule kwiSundowns,” kubeka lomqeqeshi.