Sanele Dlamini

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi akazihluphaga ngokubheka umphemela womdlalo obuphakathi kweKaizer Chiefs neBidvest Wits ngaphambi komdlalo wezakhe neBaroka FC izolo.

ICheifs iguqiswe yiWits ngo 1-0 emdlalweni wabo oqale ngo-3.30 ntamabama okuvule ithuba lokuthi iSundowns iqhwakele etafuleni le-Absa Premiership uma inqoba umdlalo wayo obulandela ngo-6. IBaroka, ebalekela izembe, inyomfe zonke lezi zinhlelo iguqisa ompetha bangesizini edlule ngo 1-0 ngegoli lika-Annanias Gebhardt.

ISundowns neChiefs bayalingana ngamaphuzu (53) kwi-Absa Premiership kanti iChiefs isahleli esicongweni ngamagoli amaningi kuneDowns.

Ebuzwa ngemuva komdlalo uPitso ukuthi ubesewazi yini umphumela womdlalo weChiefs neWits uthe akazihluphanga ngokuwubheka.

“Bengingazi. Bengingawazi umphumela womdlalo ngoba uma ubuka umdlalo ugcina usuvukelwa imizwa yalowo mdlalo. Ngakho angazi noma abadlali bebazi yini (ukuthi iChiefs idliwe), mhlawumbe bebazi, ngeke ngazi konke, uyabazi abadlali banjani,” kusho uPitso.

Lo mqeqeshi akawushiyanga umbhobho weSuperSport TV ngaphandle kokugxeka iBaroka ngokumosha isikhathi ngokunjalo nokugcwalisa abadlali emuva.

“Angiboni kuyinto enhle kodwa kulungile. Kuyingxenye yebhola kodwa akumele sigxile kukho. Akukona okusivimbe ukuthi sishaye igoli. Siwatholile amathuba sahluleka ukuvalela ibhola enethini.

“Bano-Elvis Chipezeze oyinkinzu yokuhlala nebhola, abulale isikhathi. Lo nozinti obedlala namhlanje angimazi negama…ngicabanga ukuthi iBaroka iyabakha laba badlali. Bayabakha abadlali abangafuni umdlalo uqhubeke kahle. Kulungile kodwa kumele benze okumele bakwenze ukuze bavike izembe,” kusho uPitso.

ISundowns izobhekana nePolokwane City ngoLwesithathu ngo-6 ntambama.