Umqeqeshi weFeyenoord u-Arne Slot usevele waphumela obala ngesifiso sokujoyina iLiverpool, esaxoxisana neqembu lakhe ngokumqasha.

Lo mqeqeshi izolo uveze ukuthi ‘akakungabazi’ ukuthi kuzoba nesivumelwano phakathi komqashi wakhe neLiverpool, edinga umqeqeshi njengoba kushiya uJurgen Klopp uma kuphela isizini.

Ekhuluma ngemuva komdlalo weFeyenoord abawuwunqobe ngo 3-1 beshaya iGo Ahead Eagles ngoLwesine, uSlot utshele i-ESPN ukuthi izingxoxo zisaqhubeka kodwa sekuyaziwa inhliziyo yakhe ikuphi.

“Sengilindele isinqumo abazosithatha, Akuseyona imfihlo ukuthi ngifuna ukujoyina iLiverpool. Manje sengilinde ukuthi kuvumelane amaqembu, angikungabazi ukuthi kuzokwenzeka lokho.

IFeyenoord kuthiwa izofuna imali esondele kuR230 million ukuze idedele lo mqeqeshi onconywa ngebhola elithi alifane nelikaKlopp.

Noma edlalisa ibhoa elihle usele ngamaphuzu awu-9 kwiPSV okufana nokuthi isiyinqobile i-Eredivisie.