Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokoena uthi uyaziqhenya ngabadlali nabalandeli abadele konke bezokweseka iqembu libhekene ne-Al Ahly kwi-African Football League. 

UThapelo Maseko ushaye igoli elinqobise iDowns kulomdlalo womlenze wokuqala obubanjelwe eLoftus Versfeld. 

URhulani uthi kusafanele bayoqedela umsebenzi eCairo. Lomqeqeshi utuse nokwesekwa abalandeli abagcwalise inkundla. 

“Kufana nokuthi sisekhefini. Umsebenzi awuphelile. Bengizoqhubeka ngidlulise umyalezo ofanayo noma ngabe umdlalo uphele zibambene. 

Ngiyaziqhenya ngabadlali kanye nabalandeli. Baphume ngobuningi bezogcwalisa inkundla, bagqugquzela iqembu. 

Abalandeli basifakele umfutho esiwombeni sesibili, ngiyabonga kakhulu kubona. Sekusele siyophothula umsebenzi e-Egypt,” kusho uRhulani ekhuluma nabeSABC Sport sekuphele umdlalo. 

Umdlalo womlenze wesibili uzobanjelwa eCairo ngoMgqibelo.