Umqeqeshi weReal Madrid, uCarlo Ancelotti, uthi sebewuthulile umsebenzi wokusayinisa abadlali abasha ngoba babukeka beyingozi phambili okuyindawo abekhathazekile ngayo kulandela ukuhamba kukaKarim Benzema.
Bekulindeleke ukuthi iMadrid isayinise omunye umgadli ngaphezu kukaJoselu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024 kodwa u-Ancelotti uthi asikho isidingo. Izolo kuthinteke uVinicius Jr okukhathaze abalandeli abaningi kodwa u-Ancelotti uthi amaphaphu phansi.
“Asihleli ukusayinisa abanye abadlali, sikwazi ukukora amagoli ngisho engekho uVinicius J, njengoba senzile namhlanje [izolo]” kusho u-Ancelotti.
“UVini ngeke adlale emdlalweni olandelayo kodwa akalimele kakhulu. Uzobuya ngemuva kwekhefu leFIFA.”
Khonamanjalo, lo mqeqeshi uzwakalise ukungenami ngendlela abanqobe ngayo izolo kodwa wancoma abadlali bakhe ngokukhombisa ukuzinikela, okubanqobele umdlalo.