Impi yamazwi phakathi kwabaqeqeshi ishiye isimo simuncu eNelson Mandela Bay Stadium ngemuva komdlalo weDSTV Premiership kutholene iChippa United naMaZulu. 

Yize lamaqembu ecazelane amaphuzu ebambana ngo 1-1, umqeqeshi waMaZulu uPablo Martin usole umqeqeshi weChilli Boys uMorgan Mammila ngokudelela umsebenzi wabaqeqeshi. 

“Angikaze ngimthuke uMammila. Uyena odelela umsebenzi wethu ngokukhulumela safuthi. Akakhombisi ukungihlonipha ngoba uqophe nenkulumo yami. 

“Usola abanye abaqeqeshi ngokwenza izinto ezenziwa uyena uqobo. Angisiboni nesidingo ngoba neqembu lakhe alidlali ibhola elihle,” kubeka uCijimpi ebuzwa abeSuperSport TV. 

IChippa iqede umdlalo inabadlali abangu-9 ngemuva kokuba unompempe ekhiphe uThabiso Lebitso no-Elson Kambindu ngekhadi elibomvu. 

UCijimpi usole uMammila ngokuhlasela omunye wabadlali boSuthu. 

“IChippa idlala ibhola eliyingozi lokulawula umdlalo. UMammila uyena ohlasele umdlali wami sekuphele umdlalo. Ngimtshele ukuthi akavale umlomo ngoba umdlalo usuphelile. 

Yena ucabanga ukuthi ngimthukile, ekubeni ngithe akavale umlomo. Akakhombisi ukuhlonipha uma ekhuluma ngabanye abaqeqeshi. Ukuqeqesha akuwona umsebenzi wokwenza amahlaya. Siyazikhandla singabaqeqeshi, kudingeka sihlonishwe,” kuchaza uCijimpi.