Umdlali weManchester United uMarcus Rashford uthi usekulungele ukuthungatha iqembu elisha njengoba zimbhedela izinto kuleli qembu.
URashford ubeke kanje izolo kulandela ukusabalala kwezindaba zokuthi usenqunyelwe ugwayi katiki e-Old Trafford njengoba umqeqeshi omusha uRuben Amorim engagculisekile ngendlela adlala ngayo.
Kuphele usuku lwayizolo sekusabelele nezindaba zokuthi empeleni i-United izimisele ngokudayisa lo mdlali ngoJanuary ngoba akukho akwenzela iqembu enkundleni nangaphandle kwayo.
Ebuzwa ngalokhu, uRashford uthe naye usekulungele ukuthi asjhiye.
“Ngicabanga ukuthi sengikulungele ukuthungatha elinye iqembu, nezinyathelo okufanele ngizithathe,” kusho uRashford.
“Uma sengihamba ngeke kube nomsindo. Ngeke ningizwe ngikhuluma kabi ngeManchester United ngoba angiyena umuntu oziphatha ngaleyondlela.
“Uma sengazi ukuthi isimo sibi angiwufaki usawoti esilondeni. Ngibabonile ukuthi abanye abadlali bahambe kanjani phambili, angifuni ukwenza njengabo.”
Lo mdlali bekulindeleke ukuthi okungenani abe yingxenye yesikwati esizobhekana neTottenham Hotspur kwi-EFL Cup ngoLwesine kodwa sekunongabazane ngalokho njengoba izolo kuthiwa akaziqeqeshanga neqembu ngenxa yokugula.