Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi uthi ezakhe zisaqhelile kakhulu kwizinga afuna zidlale kulo kulandela ukuzibona zijulukela iphuzu emdlalweni wabo neTS Galaxy.

IChiefs ibuye ekugcineni emdlalweni ophele ngo 1-1 eMbombela Stadium ngoMsombuluko. Lo mphumela awuwasizanga Amakhosi njengoba esahleli kunombolo 9 kwilog yeBetway Premiership.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uNabi ugxeke abadlali bakhe ngokudlala indavundavu esiwombeni sokuqala, okucishe kwabaqhatha nenduku.

“Besilahla amabhola kalula, onke abethathwa yisitha, okwenze umdlalo wanzima. Sizamile ukwenza ushintsho ngomzuzu ka-25 kumqahinga ethu, sabuya kancane emdlalweni.

“Siphinde sadedela elinye igoli nge-set piece la sesithi siyabuya khona. Esiwombeni sesibili senze konke okusemandleni ukuya phambili. Siphinde sageja amathuba okukora. Ekugcineni siphonse konke phambili ngenhlanhla sakwazi ukubuya nephuzu. Kodwa nginomuzwa wokuthi sisekude kakhulu kwizinga iqembu elifana neKaizer Chiefs okufanele ngabe lidlala kulo. Kusamele sisebenze kanzima ukuqinisa iqembu.”

Lo mqeqeshi uqhube wacela isipho sikaKhisimusi kubaphathi beqembu ecela ukusayiniselwa abadlali abasha ngoJanuary njengoba sekusele amasonto amabili livulwe iwindi lokuthenga nokudayiswa kwabadlali.