Sibukeka simphelela isikhathi sokujika izinto kwiManchester United umdlali ohola ukubadlula bonke kuleli qembu, uMarcus Rashford, njengoba umqeqeshi omusha weqembu uRuben Amorim esemqumele ugwayi katiki ngendlela adlala ngayo.

URashford akabengwanga ngisho ebhentshini kwiManchester Derby ngempelasonto, ezakhe ziguqisa iManchester City ngo 2-1 e-Etihad Stadium. Izindaba zokuthi akangena esikwatini ziputshuke ngoMgqibelo, okuthuse abaningi ngoba kuputshuke uhlu lwabadlali abazoqala umdlalo njengoba lunjalo. NgeSonto uRuben akenzanga zinguquko, waqhubeka nabekuhlelile eshiya ngaphandle uRashford no-Alejandro Garnacho.

Ebuzwa ngesinqumo sakhe ngaphambi komdlalo lo mqeqeshi uthe kunezinga alilindele kubadlali be-United uma ebaqeqeshi nangesikhathi sebedlala. URashford akabanga nomdlalo omuhle kwi-Europa League ngesonto elidlule kanti kuvela ukuthi u-Amorim ucikwa ngisho yindlela axhumana ngayo nabanye abadlali, nendlela adonsa ngayo ubuso akubona kwehlisa ukuzethemba eqenjini.

Ngokweminiko eqale ukusabalala izolo, lo mdlali kuthiwa uma engashintshi maduze uzofakwa endalini ngoJanuary.

UGarnacho ngakolunye uhlangothi kuthiwa ngenxa yeminyaka yakhe iqembu lisazozama ukumsiza ashintshe indlela adlala ngayo ukuze abe wumdlali ongcono kwi-system ka-Amorim.