Iphini lomqeqeshi weMamelodI Sundowns, uSteve Komphela, usechaze uRulani Mokwena njengomqeqeshi ohlakaniphe ngendlela emangalisayo.

URulani wenza umsebenzi oncomekayo njengamanje kwiMamelodi Sundowns kwiDStv Premiership nakwiCAF Champions League. Muva nje ezakhe zisanda kuxebula i-Al Ahly ngo 5-2 kwiChampions League. UKomphela usephumele obala ngokwenza lo mqeqeshi ahluke kunabanye.

“URulani uhlakaniphe ngendlela engakholakali. Ngeke uphumelele uqeqesha usaneminyaka emncane ngaphandle kobuhlakani. Ngeshwa ukuqeqesha akuhlangene nomsebenzi wakho kuphela kodwa kumele ukwazi ukumelana nezinye izinto ezenzekayo.

“Umngani wami uRoger de Sa wake wathi u-90% wemali esiyiholayo ihlangane nezinye izinto esizenza ngaphandle kwenkundla. Ngicabanga ukuthi uRulani usekubambile lokho. Unomoya ophansi, uhlela kahle futhi izinto uzibona ngesikhathi…akukho lula ukuba wumqeqeshi weSundowns, empeleni akukho lula ukuba wumqeqeshi weqembu elikhulu kuleli. Ngakho kumele uqaphe izinto ozishoyo, lokho usekubambile kakhulu.

“Nangesikhathi sisabenza naye kwiPlatinum Stars wayehlakaniphile kodwa njengamanje usehlakaniphile kakhulu. Asilikhulume nje iqiniso, wenza umsebenzi omuhle.