Umgadli weMarumo Gallants osamataniswa namaqembu ahlukene kuleli nase-Afrika usekhonjwa kwiKaizer Chief eshoda ngomgadli onzima.

Ngokwemibiko yakamuva uRanga uvakashele eNaturena kuleli sonto futhi kulindeleke ukuthi amenyezelwe njengomdlali wayo maduze.

URanga ubekhonjwa kumaqembu aseTanzania, iYanga SC neSimba SC kodwa amaqembu akuleli abemcuthele kuthiwa amnunusele ngemali engaphezulu. Umbango ubusuphakathi kweChiefs ne-Orlando Pirates kodwa kubukeka isiwunqobile iChiefs. Lo mdlali kuthiwa akayizwa eyokujoyina iqembu elinenqwaba yabagadli.

KwiChiefs uzobanga umjezi noCaleb Bimenyimana, Ashley Du Preez noCristian Saile. IChiefs isazama ukuvumelana noCaleb ngokunqamula inkontileka yakhe kanti uma ubuka indlela iChiefs edlala ngayo uDu Preez uyakwazi ukudlala ophondweni kwesokunxele, noSaile uyakwazi ukudlala ophondweni kwesokudla, okusho ukuthi indawo eshoda ngempela eyomgadli ohlala ebhokisini.