Kubukeka ezimisele ngokupakisha okwakhe eLondon abheke e-Italy umdlali waseGhana, uThomas Partey, okuthiwa usevumelene neJuventus ngokuyijoyina.
Ngokombiko weSky Sport Italia, ithimba likaPartey (30) kade lihlangene nabaphathi beJuventus, asebevumelene nayo ngenkontileka okulindeleke ukuthi ayisayine.
Kuvela ukuthi uPartey ubeshelwa amaqembu aseSaudi Arabia kodwa wathi cha, uyabonga, ngoba usazibona edlala ezingeni eliphezulu e-Europe.
Ngabe uxoshwa yini kwi-Arsenal uPartey?
Ngesizini edlule uPartey ube yingxenye enkulu kwindlela i-Arsenal ebidlala ngayo. Abaningi bebemthatha njengensika eqenjini likaMikel Arteta ngoba bekucaca uma engadlali.
Ngenxa yalokho i-Arsenal igcine isayinise uJorginho, kanti manje imataniswa noDeclan Rice.