Kuzophela leli sonto sekucacile ngekusasa likamqeqeshi waseTunisia, uNasreddine Nabi, ofunwa yiKaizer Chiefs.

Lo mqeqeshi one-UEFA Pro License wazise iSunday Times ukuthi kuzophela leli sonto esazi ngekusasa lakhe ngoba izingxoxo neChiefs zisaqhubeka, kodwa waveza ukuthi kukhona asakubanga naMakhosi ngaphandle kokukudalula.

“Okwamanje kunzima ukuthi ngiveze imininingwano [ngezingxoxo]. Siyanihlonipha kodwa njengabantu bezindaba, izingxoxo zisaqhubeka phakathi kwe-agent yami neChiefs, sizokwazi kumahora awu-58 ngokuthi ziphelela kuphi.

“Angikwazi ukuveza okunye ngoba ngiyayihlonipha iChiefs. Angifuni ukuveza ukuthi yini esayinkinga ezingxoxweni zethu,” kusho uNabi.

Uma iChiefs igcina imthola lo mqeqeshi, kunemibuzo ngekusasa lika-Arthur Zwane njengoba uNabi efuna ukuza nabasizi bakhe.