Umqeqeshi weTS Galaxy uSead Ramovic usephendule uPitso Mosimane odabeni lukaSibusiso Vilakazi okunqanyulwe inkontileka yakhe.
UPitso ngempelasonto ubhale ekhasini lakhe ezwakalisa ukuthuka ngendlela uRamovic akhulume ngayo ebuzwa yizintatheli ngokunqanyulwa kwenkontileka kaVilakazi kwiGalaxy. URamovic waveza ukuthi uVilakazi ubengakhombisi ukulambela ijezi njengabanye abadlali eqenjini okugcine kuphethe ngokuthi adedelwe.
UPitso uthe uVilakazi umazi ewumdlali ozikhandlayo kwi-training, uyakuqabuka okushiwo ngaye. Ekhuluma neSABC Sport uRamovic uphendule uPitso wathi usamile emazwini akhe ngalo mdlali.
“UVilakazi uwumuntu olungile, uwumdlali oseqopheleni eliphezulu futhi umlando wakhe ebholeni lakuleli uyancomeka, kodwa sinenqwaba yabadlali abazama ukuzakhela igama ebholeni njengaye. Ngingathanda ukubona uVilakazi eqhubeka nokudlala ibhola.
“Mhlawumbe angaqhubeka eqenjini lakho (esho kuPitso) ngoba liyamdinga umdlali onjengaye. Nginesiqiniseko sokuthi usihlalo weqembu lakho angathanda ukuphumelela kule sizini, akanendaba nempumelelo yakho eminyakeni eyisithupha edlule. Ngiyafisa uqhubeke nerekhodi lakho elihle njengomqeqeshi.”
Izolo ebusuku noPitso uphinde wagadla kuRamovic wathi akagxile kumsebenzi wakhe, ubengakhulumi naye ubezama ukuvikela uVilakazi.
@Velile_Mnyandu kanti le Ngamula injane Nkosi Yami? Coach Ramovic, please sit down. I was just protecting Sbu Vilakazi’s career that is still left with few years to go. You have to make top 8 and match Dance Nedbank Cup record.Lets,focus & be responsible Pro Licenced Coaches
— Pitso Mosimane (@TheRealPitso) February 14, 2023
Khonamanjalo, iqembu eliphekwa wuPitso likhuphukele esicongweni kwiSaudi Division 1 linqoba ngo 1-0 izolo lidlala neAl-Orobah.
ITS Galaxy izobhekana naMaZulu ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku koweDStv Premiership.