Isiphekepheke somdlali wePSG, uNeymar, sesiphumele obala ngokungqubuzana nokapteni weqembu uMarquinhos ngokunjalo nomqondisi weqembu uLuis Campos ngemuva kokushaywa yi-AS Monaco ngo 3-1 ngoMgqibelo kumdlalo weligi.
IPSG izobhekana neBayern Munich namhlanje ebusuku kumdlalo we-last 16 we-UEFA Champions League. Ekhuluma nabezindaba ngaphambi kwalo mdlalo uNeymar uqale ngokuqinisekisa ukushayisana noMarquinhos kodwa waveza ukuthi kuyinto ejwayelekile ebholeni.
Kulokhu kubikwa ukuthi uCampos wangena egumbini okushintshela kulo abadlali ebasola ngokuzithela ngabandayo enkundleni. Kuthiwa uCamposa wangena uNeymar noMarquinhos bevele sebephikisana ngokuthile okuthinta umdlalo.
“Kwenzeka. Sasingaboni ngasolinye ngokwenzeka emdlalweni, sakhuluma ngakho. Ibhola umdlalo odinga ukuthi nikhulume ngezinto. Sisahliniphana kodwa sibuye singavumelani ngezinye izinto. Ziyohlale zikhona izingxoxo ngokuthi iqembu lingadlala kanjani kangcono.
“Sishayiwe kwimdlalo embalwa kule sizini, okuyinto esikhathazekile ngayo. Sifuna ukunqoba yonke imidlalo. Kubuhlungu uma sidliwa, izingxoxo zihambisana nalokho. Ngicabanga ukuthi kusisizile kulokhu ngoba sivulelane izifuba,” kusho uNeymar.
Lo mdlali uqhube waveza ukuthi kuyabacasula uma izinto ezenzeka ngaphakathi ziphelela emaphephandabeni futhi bazozama ukuthola ukuthi ubani opotshozele abezindaba lolu daba.