Minenhle Zwane 

Indima yezokusakaza isigqemeke udume lwengozi kudlula emhlabeni inkakha yomsakazi u Bob Mabena.

Izindaba zokushona kwalo msakazi (51), oke wayibamba eziteshini eziphambili kuleli okubalwa kuzo iMetro Fm, Highveld Stereo neKaya FM ziqinisekiwe umndeni wakhe esitatimendeni izolo.

Ngokwemibiko, uMangena uke wangeniswa esibhedlela enenkinga yokuba namanzi emaphashini, wadedelwa izolo waya ekhaya nomkakhe eCenturion, eTshwane, kodwa ngokuhamba kwesikhathi wahlaselwe ukungakwazi ukuphefumula.

Ube esephuthunyiswa esibhedlela nokuyilapho ashonele khona endleleni.

Abalandeli bakhe abaningi ezinkundleni zokuxhumana abashiyeke beshaqekile bathumela amazwi enduduzo emndenini wakhe.

“Ibuhlungu inhliziyo yami ngoba uyena msakazi engikhule ngimulalela kakhulu, futhi ngibukelela kuye.Unyaka ka 2020 uyisiqalekiso kufiwa kuzo zonke izindawo, alale ngoxolo uBob impela ziyofa izinsizwa kusale izibongo,” kusho omunye wabalandeli uMlondi Ngubane.

Uqhube wathi balahlekelwe bengabalandeli ngoba uMabena ubenokhono elikhulu lokusakaza futhi ewuthanda umsebenzi wakhe.

UThokozani Mngadi naye uthe sengathi engalala ngokuthula uMangena abemthatha njengeqhawe.

“Lomhlaba usuyagoqwa ngiyasola ukuthi yizo izinsuku zokugcina ibhayibheli elali khuluma ngazo lezi. Emndenini wenkakha alwehlanga lungehlanga, sengathi inkosi ingaba nabo kukhona konke igalelo le nsizwa ebenalo endimeni yozokusakaza asisoze salilibala,”usho kanje.

Ezinyangeni ezimbili ezedlule uMangena uke wabhala ezinkundleni zokuxhumana ekhalaza ngokuthi azikulungele kangakanani ukwamukela iziguli izibhedlela zakuleli njengoba kuliwa neCovid-19. Uke wadalula nokuthi ugogo wakhe uthathwe yilo leli gciwane.