Umengameli Cyril Ramaphosa usewuchithile umbono wokuthi amosha imali nesikhathi amaKhomishini aphenya ngezinto ezihlukene asewasungulile selokhe abekwa njengomengameli wezwe.

URamaphosa ubevika izinduku ngesikhathi ephendula imibuzo ePhalamende ngoLwesine ngesikhathi kunenkulumo-mpikiswano ngeSabelomali.

Lokhu kulandela isimemezelo sakhe sokuthi usekhiphe umyalelo wokuthi kusungulwe iKhomishini ezophenya ngezinsolo ezivezwe wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ngenkohlakalo emnyangweni wamaphoyisa kuleli abala kuyo noNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu.

Amaqembu aphikisayo okubalwa kuwo iMK Party ne-EFF awahambisani nokusungulwa kwenye iKhomishini, kunalokho athi bekufanele asuswe esikhundleni sikaNgqongqoshe uMchunu bese kuqalwa uphenyo ngaye.

“Njengoba bengishilo izolo (ngoLwesithathu) iNingizimu Afrika iyizwe elizibophezele kumthetho, ukwenza izinto ngendlela nokwazisa umphakathi ngesikwenzayo. Sizoqinisekisa ukuthi ziyaphenyisiswa zonke izinsolo zenkohlakalo kwiSouth African Police Service.”