Ungqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uSenzo Mchunu oyalelwe ukuthi ahlabe ikhefu ngenxa yezinsolo abhekene nazo, uthi usekubheke ngabomvu ukwethula uhlangothi lwakhe kwiKhomishini ezophenya ngenkohlakalo emaphoyiseni.

UMchunu usolwe wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt Generla Nhlanhla Mkhwanazi ngokugxambukela emsebenzini wamaphoyisa, nangokufukamela izigebengu.

“Ngijabule ngokuthi ngelinye ilanga nami ngizothola ithuba lokubeka isayidi lami [kulolu daba],” kusho uMchunu engxoxweni ne-EWN aveze kuyo ukuthi ubevele enethemba lokuthi kuzobekwa iKhomishini.

“Bengikhulekela ukuthi ukuthi kubizwe iKhomishini ngemuva kokubekwa kwezinsolo ngami. Ngithe ngifisa ukuthola ithuba lokuhlala phansi nomuntu ozimele, hhayi ukubhala isitatimende noma ukubiza isithangami nabezindaba.”

Ngesikhathi ememezela iKhomishini uRamaphosa waveza ukuthi uzofuna umbiko wokuqala ezinyangeni ezintathu iqalile, nomunye ngemuva kwezinyanga eziyisithupha bese enikezwa umbiko ogcwele ekupheleni kwayo.

Amaqembu aphikisayo awaneme ngalesi sinqumo njengoba ethi kumoshwa imali ngale khomishini.