Sphamandla Gumede

Umdlalo womkhaya obulindelwe ngabomvu eGibhithe uphele kabi njengoba umqeqeshi we-Al Ahly uPitso Mosimane esole abasizi bomqeqeshi weZamalek uPatrice Carteron ngokumthuka emdlalweni. I-Al Ahly ibuye namaphuzu agcwele ishaya iZamalek ngo 2-1 ngeSonto ebusuku.

Lomdlalo wawukade umisiwe emzuliswaneni wesine ngesizathu sokuxinana kwemidlalo. 
Yize I-Ahly iqale umdlalo ngaphandle kwabadlali bayo ababalulekile, amagoli ashaywe umgadli uMohamed Sherif ayiweze kwelibanzi. 

UPitso uphinde wancoma unozinti u-Ali Lofti ovimbe iphenathi ngesiwombe sokuqala.

“Sikwazile ukunqoba, umdlalo besiwuphethe ikakhulukazi imizuzu yokuqala engu-20. Sikwazile ukudlala ngendlela ebesihlele ngayo. I-Al Ahly ishaye izimbangi eziqinile, ezinomqeqeshi osezingeni eliphezulu.

Abadlali be-Al Ahly banokhakhayi oluqinile, bafuna ukunqoba njalo. U-Ali Lofti bekumele anqobe indondo yomdlali ovelele. Ngiyabathemba bonke abadlali bami,” kuchaza uMosimane ecashunwa abeKingfut. 

I-Al Ahly idlale ngaphandle kuka-Ali Maaloul, Mohamed Hany, Hamdi Fathi, Mahmoud Wahid kanye nabanye abalimele.

Emidlalweni engu-12, I-Ahly isinqobe imidlalo engu-9, yadlala ngokulingana kathathu. Kuyimanje, ihleli endaweni yesibili ngamaphuzu angu-30. 

“Ngiyazwana noPatrice Carteron, asikaze sixabane emdlalweni. Abasizi bakhe bangithukile ngesiputukezi, ngibazwile kodwa angifunanga ukuphendula. Kumele sikhombise ukuvuthwa emqondweni, samukele okwenzeka enkundleni. 

Besishoda ngabadlali abamqoka okukhona kubo u-Ali Maaloul, Mohamed Hany, Hamdi Fathi, Mahmoud Wahid nabanye. Isikwati esinaso silwela ukunqoba kuphela, sibuyile namaphuzu amathathu. 

Ngiyamjabulela uMohamed Sherif. Kuyafana uma ekwi-Ahly noma eqenjini lesizwe, uhlezi ezinikela ukuze iqembu lizonqoba. Angeke nginake izibalo zakhe kakhulu,” kuchaza uPitso.