Sphamandla Gumede

Umqeqeshi oyibamba kwiTTM uMpho Maleka uthi umphumela yiwona obubalulekile ngesikhathi bewashisa iMamelodi Sundowns ijezi kwiNedbank Cup ngeSonto emini. ITTM ishaye iSundowns ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi, yadlulela kowamanqamu.

Alikho iqembu ebelifuna ukugoba uphondo emdlalweni, kuze kwayiwa kumaphenathi. 

“Ngithanda ukubongela abadlali bami. Basebenze kanzima. Isonto lonke besihlela indlela esizodlala ngayo. Besidlala noshampeni lana, ungalenzi iphutha. Sisebenze kanzima, ngiyajabula ukuthi icebo lethu liphumelele.

Lona bekuwumdlalo owandulela kowamanqamu, akukhathalekile ukuthi uwunqoba kanjani. Sijabule ngendlela abadlali abadlale ngayo,” kuchaza uMaleka ecashunwa abeSuperSpprt TV. 

ITTM kuzomele ibonge unozinti wayo uWashington Arubi njengoba ekhiphe iqembu ebunzimeni sekuvalwe amehlo. U-Arubi uphinde wavimba iphenathi kaHlompho Kekana, nokube eyokugcina njengoba uThembelani Nevhulamba eshaye iphenathi ewinise iTTM. 

“Besifuna ukunqoba kuphela. Besingenandaba nokunye. Abadlali balilandelile icebo lokudlala. Ngikholwa ukuthi indlela esidlale ngayo sizoqhubeka nayo kwiligi. Kuzoba yibhonasi ukunqoba kwiligi, nabadlali bazozuza kakhulu,” kuchaza lomqeqeshi. 

ITTM izobhekana neChippa United kowamanqamu ngoMeyi. Iqembu elizonqoba lizomela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni weCAF Confederations Cup ngesizini elandelayo.