Sphamandla Gumede

Ususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana owayengumdlali weBafana Bafana uTeko Modise edalula ukuthi iMamelodi Sundowns iyikhaya lakhe ukudlula i-Orlando Pirates. Ekhuluma noThabo Mosia weSA FM, uModise uthe yize eyithanda iPirates, inhliziyo yakhe iyohlezi iseChloorkop. 

“Ngiyohlezi ngiyithanda iPirates kodwa iSundowns iyikhaya lami. Ngithembeke kwiSundowns mina. Uma ungangifonela ngo-3AM ezintathakusa, ngingakutshela ukuthi iSundowns izodlala kanjani emdlalweni olandelayo,” kuchaza uModise.

UModise uhlale iminyaka emine kwiBucs, anqobe kuyo izindondo ezimbili zokuba umdlali ovelele amasizini elandelana. Ushiye kwiBucs engakaze aqukule ngisho eyodwa indondo neqembu. 

UModise uthi akazange anikezwe umgexo wegolide ngesikhathi i-Orlando Pirates ishaya iMoroka Swallows emdlalweni wamanqamu weMTN 8 ngo-2010. 

Ngalesi sikhathi, uTeko wayeyingxenye yeSea Robbers kodwa uthi angeke ayibale iMTN 8 ngoba akanawo umgexo. 

“Angiyibali iMTN 8 yize ngangisadlalela iPirates. Angeke ngiyibale ngoba angiwutholanga umgexo. Usho kanjani ukuthi uwine indebe uma ungakaze uwuthole umgexo,” kusho uModise.