Umqeqeshi we-Al Ahly odabuka kuleli, uPitso Mosimane, usegxeke isinqumo seCAF sokunikeza iMorocco umdlalo wamanqamu weCAF Champions League.
NgoMsombuluko iCAF imemezele ukuthi uzodlalelwa eMorocco futhi umdlalo wamanqamu, njengoba kwenzeka ngonyaka odlule. Imemezela lokhu nje i-Al Ahly ibisiyibhalelile yacela ukuthi umdlalo uye enkundleni engelona ikhaya leqembu elizodlala kowamanqamu.
EzikaPitso zisethubeni elihle lokungena kowamanqamu kulandela ukuvithiza i-ES Setif ngo 4-0 emlenzeni wokuqala wesemi-final. Elinye iqembu elibukeka libheke kowamanqamu iWydad Cassablanca, yaseMorocco, enqobe umlenze wokuqala ngo 3-1 ishaya iqembu elakhipha iMamelodi Sundowns iPetro de Luanda. I-Al Ahly ikhala ngokuthi ukuya komdlalo eMorocco kuzoqinisa iWydad kwazise izobe idlalela ekhaya futhi nabalandeli bayo bazophuma ngobuningi bezogcwalisa inkundla, ezokhethwa yiziphathimandla zebhola eMorocco.
UPitso uzwakalise ukungenami ngesinqumo seCAF ekhasini lakhe kwiTitter.
“Ngesikhathi kuphela imidlala yamaqoqo yeCAF Champions League, kwakunamahlebezi ayekhomba umdlalo eNingizimu Afrika. Hhayi, jiki-jiki mgemuva kwemidlalo eyandulela ama-semifinal kwathuleka du ngezwe elizowusingatha. Ngemuva kwemilenze yokuqala yama semifinal sekumenyezelwa ukuthi yiMorocco ezosingatha owamanqamu,” kusho uPitso.
Umbhalo kaPitso uzofakela iCAF ingcindezi ikakhulukazi ngoba ulandela isicelo esifakwe yi-Al Ahly sokuthi umdlalo ungayi eGibhithe noma eMorocco.
Isinqumo seCAF sigxekwa ngisho yizintatheli zebhola e-Africa nazo ezibhala kuTwitter ziphakamisa imibuzo ngokuthi kungani kumenyezelwa manje uma kwathathwa ivoti kusaqala unyaka ngezwe elizosingatha umdlalo wamanqamu.