Seziqale phansi izinxushunxushu ezikhungethe iSwallows FC zokungaholelwa kwabadlali ngesikhathi.

Kuvela ukuthi iningi labadlali liyekele ukujima ngoba likhalaza ngokungayitholi imali yomholo, okuyinkinga eqale ngonyaka odlule.

Unobhala-Jikelele weSouth African Football Players Union (SAFPU) uCalvin Motloung uhlebele abeKickoff, ebatshela ukuthi ubambe umhlangano nezikhulu zeSwallows ngoMsombuluko kulandela izikhalazo zabadlali asebeqede izinyanga bengayitholi imali yomholo.

“Abadlali abayitholi imali yabo kwiSwallows, okuyinto eyaqala ukwenzeka kusukela ngoNovemba wangonyaka odlule. Sahlangana neSwallows sizokhulumela abadlali ngodaba lokungaholelwa izimali zabo.

Abadlali bathi asiyinikeze isikhathi iSwallows ngoba iqembu lathembisa ukubakhokhela. Kuyimanje kunabadlali abangakaze bahole kusukela ngoDisemba wangonyaka odlule,” kusho uMotloung.

ISAFPU yaxoxisana noSihlalo weqembu uDavid Mogashoa ngonyaka odlule ngenhloso yokulungisa udaba lwabadlali.

“Namuhla abadlali bazojima emini kodwa sebevumelene ukuthi bazoyeka ukujima, babuye uma sebekhokhelwe izimali zabo,” kusho uMotloung.

Oyisikhulu seSwallows uSipho Xulu uyiphikile imibiko ngokungaholi kwabadlali, wathi asikho isiteleka esihlelwa abadlali.

“Ngikuqala ngawe lokho. Abadlali sibatshele ukuthi abaphumule ngempelasonto, angazi ukuthi kuvelaphi lokhu ongitshela khona. Bazobuya namuhla ebusuku (izolo). Sibamba imihlangano njalo uma sizoqala ukujima ngemuva komdlalo, akukho okusha ngpmhlangano esiwubambe namuhla,” kusho uXulu.