Umqeqeshi we-Al Ahli eSuadi Arabia, uPitso Mosimane, uphumele obala ngokugcina ukuhola ngoJanuary kuleli qembu. Akucaci ukuthi yini ebambe umholo kaMosimane nethimba asebenza nalo.
“Angiwutholile umholo wami ezinyangeni ezinhlanu ezedlule. Ngigcine ukuhola ngoJanuary,” kusho uPitso ekhuluma ne-Arabian TV.
Ngokomthombo weTimesLive wayizolo, uPitso uzobhalela iFIFA uma leli qembu liqhubeka nokungayidedeli imali yabo. Ukungena kweFIFA kungase kuyifake obishini lokungakwazi ukusayinisa abadlali abasha. Njengoba ifuna ukuzinza kwiPro League, wutaku engeke ifune ukuzithola kulo lelo ngoba ingabuyela ehlathini ngokushesha.
Imali ezokhokhelwa uPitso nethimba lakhe izohlanganisa amabhonasi ababewathenjisiwe uma bebuyisela i-Al Ahli kwiSaudi Pro League okuyinto abayizuzile.
Khonamanjalo, leli qembu lishaqe uPitso abadlali balo benqaba ukujabulela ukubuyela esigabeni esiphezulu sebhola eSuadi. Kuvela ukuthi inhlangano yabalandeli yabhalela iqembu ukuthi abadlali bangalinge babhiyozele ukubuyela kwiPro League ngoba bekuyihlazo ukuthi badlala ehlathini.