Umqeqeshi we-Atletico Madrid uDiego Simeone ushiye abaningi befa insini eveza ukuthi umdlali oya ocansini kane ngenyanga ngeke alunge eqenjini lakhe.
USimeone ubekhuluma ohlelweni olubizwa ngeCadena COPE, lapho akhulume khona ngokuningi okuthinta i-Atletico Madrid esingabala kukho ukubuya kukaJoao Felix, kanye nekusasa lakhe eqenjini.
Kuzokhumbuleka ukuthi uke waba ngaphansi kwengcindezi kule sizini uSimeone kugqoza imiphumela kwiligi abanye abalandeli baze baphakamisa ukuthi akuthungathwe umqeqeshi ozofika namaqhinga ahlukile kwi-Atlitico edume ngokupaka ibhasi.
USimeone kodwa ubuye wathola nethuba lokukhuluma ngempilo yakhe yangasese ngesikhathi umethuli wohlelo eveza ukuthi eSpain abantu baya ocansi izikhawu eziwu-56 ngonyaka, okuyinto asheshe wayichitha.
“Bathi kangaki? 56 ngonyaka? Kuba kangakaki ngenyanga? 4? Ngiyakuchitha lokho…
“Uma uzoya ocansini kane ngenyanga ngeke ulunge eqenjini lami,” kusho uSimeone, izethameli zohlelo zafa insini.
Umethuli wohlelo uvele wambuza ukuthi kanti bona baya kangaki ocansini ngenyanga wathi mhlawumbe izikhawu eziwu-15 ngenyanga, okusho ukuthi badlulisa usuku, zikhale.