Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns oseqeqesha e-UAE, uPitso Mosimane, usegxeke ompetha beDStv Premiership ngokungabafaki endalini abadlali.

UPitso uveze lokhu ephawula kwizindaba ezikhomba umdlali weSundowns, uGaston Sirino, eqenjini lakhe okuyinto ayichithile.

“Ngiyazi kunabafaka igama lami kodwa uma ucabanga nje ungamthenga umdlali kwiSundowns? Ngeke ukwazi, asilikhulume iqiniso. Ningangitsheli ngoCassius Mailula, uneminyaka ewu-18 noma 19 (empeleni una-22). Asikhulumeni ngoShalulile, khulumani ngoSirino noThemba Zwane. Ngabe bayadayiswa? Cha, abadayiswa, futhi alaziwa inani labo emakethe yokuthenga abadlali,” kusho uPitso.

“Ngisho uMbappe unenani. UMbappe ubiza u200 million, niyakwazi nani lokho. Uma umfuna, ukhipha u200 million umthole (uma evuma), kodwa uSirino akanalo inani.

UPitso uqhube waveza ukuthi kuyiqiniso ukuthi wazama ukusayinisa uSirino ngesikhathi esawumqeqeshi we-Al Ahly e-Egypt.

“Ngayalela i-Al Ahly ukuthi ithenge uSirino, saya kwiSundowns sayitshela ukuthi siyamfuna, ifuna malini? Awuphendulwanga umbuzo. Umthenga kanjani umdlali ungazi ukuthi ubiza malini? Kumele babeke inani.”

PROMOTION

Bhalisa i-account ePlaya Bets utholoe ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala!

Nakhu okunye ongakuthola:

R50 Free Sports Bet 😉

+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️

Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa

Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar