IManchester United isigcine iphawulile odabeni luka-Antony osolwa ngokuhlukumeza owayeyintombi yakhe. Akamisiwe eqenjini.
Lo mdlali kuleli sonto ulaxazwe yiqembu lesizwe kulandela izikhalazo ngokufakwa kwakhe esikwatini ebhekene nezinsolo zokubeka owesifazane isandla.
Isinqumo seBrazil, sifakele iMan United ingcindezi njengoba ibingakaphawuli kulolu daba. Igcine inqumo ukuphawula namhlanje.
Njengoba besibilile izolo, i-United izobhekana nengcindezi yokuthi inqume ngokushesha odabeni luka-Antony njengoba igxekwe kakhulu ngendlela ephathe ngayo udaba lukaMason Greenwood, okuphethe ngokuthi adedelwe ayodlalela iGetafe nge-loan.
Kwisitatimende sanamhlanje nokho, kubukeka sengathi imanqika ngokuthatha isinqumo.
“IMan United iyazi ngezinsolo ezibhekene no-Antony futhi ikuqaphile ukuthi kunophenyo olwenziwa amaphoyisa ngaye. Njengoba kusalindwe eminye imininingwane ngalolu daba, akukho okunye esizokusho.
“Njengeqembu lolu daba siluthathela phezulu…”
Njengeqembu, lolu daba siluthatha ngokungathi sína, sibheka umthelela walezi zinsolo futhi ukubika okulandelayo kuzoba nawo kwabasinde ekuhlukunyezweni”.
Ngesikhathi kuvela izinsolo ngoGreenwood i-United yakhetha ukummisa eqenjini, yazenzela uphenyo. Kulokhu ikhetha ukungammisi umdlali wayo uphenyo lungakaphothulwa, kodwa lokhu kungenzeka kuyidonsele amanzi ngomsele njengoba sekunezinhlangano ezifuna abantu bathathelwe izinyathelo bengakatholwa benecala enkantolo.
________________________________________________________________________________________________________________
PROMOTION
Bhalisa i-account ePlaya Bets utholoe ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala!
Nakhu okunye ongakuthola:
R50 Free Sports Bet 😉
+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️
Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa
Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar
